Ipasipoti enkulukazi yidokhumende enamakhasi angu-64 elungiselelwe abantu abahamba njalo . Ipasipoti enkulukazi iyefana nephasipoti yabavakashi , ngaphandle kokuthi yona inamakhasi aphindwe kabili ukuze kube namakhasi amaningi evisa.
ngekhishelwa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezineminyaka engu-16 nangaphezulu isebenza kuwo wonke amazwe ngaphandle kokuba ibhalwe okuchaza ngenye indlela isebenza iminyaka engu-10 ukusukela ngosuku ekhishwa ngalo.
Lapho wenza isicelo, kumele ube nomazisi wakho noma isitifikedi sokuzalwa.
Gcwalisa ifomu le-BI-73 ulihambise wena mathupha ehhovisi eliseduzane loMnyango wezaseKhaya. Lihambise kwiNxusa yeNingizimu Afrika noma i-mission uma wenza isicelo ungaphandle kwezwe.
Yenza ukuthi kuthathwe izigxivizo zeminwe yakho ukuze irekhodwe kuhla lwabantu ezweni.
Fakela nezithombe ezimbili zosayizi wepasipoti.
Uma ungakabi nawo umazisi , nakhona uxinwe yisikhathi, ungenza isicelo sakho kokubili ngasikhathi sinye, ipasipoti kanye nomazisi.
Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisithupha.
